Kushicelelwe: Julayi 30, 2024
Ukuqala ukusebenza: Septemba 30, 2024
Le migomo ("Imigomo") ihlanganisa ukusetshenziswa kwaleyo mikhiqizo yamakhasimende ye-Microsoft, amawebhusayithi namasevisi abhalwe ekugcineni kwale Migomo lapha (https://www.microsoft.com/servicesagreement#serviceslist) ("Amasevisi"). Wamukela le Migomo ngokuvula i-akhawunti ye-Microsoft, ngokusebenzisa Amasevisi, noma ngokuqhubeka usebenzisa Amasevisi ngemva kokutshelwa ngokushintsha kwale Migomo.
1. Ubumfihlo Bakho. Ubumfihlo bakho bubalulekile kithi. Sicela ufunde Isitatimende Sokugcinwa Kwemfihlo Se-Microsoft (https://go.microsoft.com/fwlink/?LinkId=521839) ("Isitatimende Sokugcinwa Kwemfihlo") njengoba sichaza izinhlobo zedatha esiyiqongelelayo kuwe nakumadivayisi akho ("Idatha"), ukuthi siyisebenzisa kanjani Idatha yakho, kanye nezisekelo zomthetho esinazo zokucubungula Idatha yakho. Isitatimende Sobumfihlo sichaza nendlela i-Microsoft ekusebenzisa ngayo okuqukethwe kwakho, okuwukuxhumana kwakho nabanye; izinto ozithumela ku-Microsoft usebenzisa Amasevisi; kanye namafayela, izithombe, amadokhumenti, umsindo, imisebenzi yedijithali, ukusakaza bukhoma namavidiyo owalayishayo, owagcinayo, owasakazayo, owasungulayo, owakhiqizayo, noma owabelana ngawo ngaMasevisi, noma idatha efakiwe oyithumelayo ukuze kukhiqizwe okuqukethwe ("Okuqukethwe Kwakho"). Esimweni lapho ukucubungula kusekelwe emvumweni futhi ngokwezinga elivunyelwe umthetho, ngokwamukela Imibandela, uyavuma ukuthi i-Microsoft iqongelele, isebenzise futhi idalule Okuqukethwe Kwakho Nedatha njengoba kuchazwa eSitatimendeni Sobumfihlo. Ezimweni ezithile, sizokhipha isaziso esihlukile futhi sicele imvume yakho njengoba kushiwo eSitatimendeni Sobumfihlo.
2. Okuqukethwe Kwakho. Amasevisi ethu amaningi akuvumela ukuthi usungule, ugcine futhi wabelane ngoKuqukethwe Kwakho noma uthole izinto ezivela kwabanye. Asizibizi abanikazi Bokuqukethwe Kwakho. Okuqukethwe Kwakho kuhlala kungokwakho futhi nguwe onomthwalo ngakho.
3. Imithetho Yokuziphatha. Uyaziphendulela ngokuziphatha kwakho nokuqukethwe lapho usebenzisa aMasevisi.
4. Ukusebenzisa Amasevisi Nokwesekwa.
5. Ukusebenzisa Izinhlelo Namasevisi Enkampani Eseceleni. Amasevisi akuvumela ukuthi uvule noma uthole imikhiqizo, amasevisi, amawebhusayithi, amalinki, okuqukethwe, izinto, amageyimu, amakhono, ukuxutshwa, ama-bots noma izinhlelo ezivela ezinkampanini eziseceleni ezizimele (izinkampani noma abantu abangeyona i-Microsoft) ("Izinhlelo Namasevisi Ezinkampani Eziseceleni"). Amasevisi ethu amaningi futhi akusiza ukuthi uthole, wenze izicelo, noma usebenzisane Nezinhlelo Namasevisi Enkampani Eseceleni futhi akuvumela ukuthi wabelane Ngokuqukethwe noma Idatha Yakho ngezinhlelo zokusebenza Namasevisi Enkampani yangaphandle, futhi uyaqonda ukuthi ngokusebenzisa Amasevisi ethu uwaqondisa ukuthi enze Izinhlelo Namasevisi Enkampani Eseceleni ukuthi atholakale kuwe. Lezi Zinhlelo Namasevisi Ezinkampani Eziseceleni zingakuvumela noma zifune nokuthi ugcine Okuqukethwe Kwakho noma Idatha kumshicileli, umhlinzeki noma u-opharetha weZinhlelo Namasevisi Ezinkampani Eziseceleni. Izinhlelo Namasevisi Enkampani Eseceleni zingakulethela inqubomgomo yobumfihlo noma zidinga ukuthi wamukele imigomo yazo ngaphambi kokufaka noma usebenzise Unhlelo noma Isevisi Yenkampani Eseceleni. Bona isigaba 13.b ngemigomo engeziwe yezinhlelo ezitholakele ngezinye Izitolo eziphethwe nezisetshenziswa i-Microsoft noma amanxusa ayo (kufaka phakathi, kodwa akukhawulelwe, ku-Office Store, i-Microsoft Store ku-Xbox kanye ne-Microsoft Store ku-Windows. Kufanele ubuyekeze imigomo yenkampani eseceleni nezinqubomgomo zobumfihlo ngaphambi kokuthola, ukusebenzisa, ukucela, noma ukuxhuma i-Akhawunti yakho ye-Microsoft kunoma iziphi Izinhlelo Namasevisi Enkampani Eseceleni. Noma iyiphi imigomo yenkampani eseceleni ayishintshe le Migomo. I-Microsoft ayikhiphi ilayisensi nganoma iyiphi impahla eqanjiwe eza kuwe njengengxenye yeZinhlelo Namasevisi Ezinkampani Eziseceleni. Uyavuma ukuthwala zonke izingcuphe nomthwalo ovela ngenxa yokusebenzisa kwakho Izinhlelo Namasevisi Ezinkampani Eziseceleni nokuthi i-Microsoft ayinawo umthwalo nganoma yiziphi izinkinga ezivela ngenxa yokuzisebenzisa kwakho. I-Microsoft ayinasibopho noma ayinacala kuwe noma kwabanye ngenxa yolwazi noma amasevisi ahlinzekwa yiziNhlelo Namasevisi Ezinkampani Eziseceleni.
6. Ukutholakala Kwesevisi.
7. Izibuyekezo Zamasevisi noma Isofthiwe, Nokushintshwa Kwale Migomo.
8. Ilayisensi Yesofthiwe. Ngaphandle uma kunesivumelwano esihlukile selayisensi ye-Microsoft (ngokwesibonelo, uma usebenzisa uhlelo lwe-Microsoft olufakwe futhi oluyingxenye ye-Windows, khona-ke Imigomo Yelayisensi Yesofthiwe ye-Microsoft ye-Windows Operating System ibusa isofthiwe enjalo), noma iyiphi isofthiwe esikunika yona njengengxenye yamaSevisi ingaphansi kwale Mibandela. Izinhlelo zokusebenza ezitholakele ngezinye Izitolo eziphethwe noma ezisetshenziswa i-Microsoft noma amanxusa wayo (kuhlanganise, kodwa kungakhawulelwe ku-Office Store, Microsoft Store ku-Windows kanye ne-Microsoft Store ku-Xbox) zingaphansi kwesigaba 13.b.i ngezansi.
9. Imigomo Yokukhokha. Uma uthenga Isevisi, khona-ke le migomo yokukhokha isebenza kokuthengayo futhi uvumelana nayo.
10. Ibhizinisi Elinesivumelwano, Ukukhetha Umthetho, Kanye Nendawo Yokuxazulula Izingxabano. Ukuze usebenzise amasevisi ane-Skype omthengi wamahhala nakhokhelwayo, uma uhlala ngaphandle kwe-Europe, i-Middle East nase-Afrika, ungena esivumelwaneni, futhi onke amareferensi "ku-Microsoft" kule Migomo asho, i-Skype Communications S.à.r.l, 23 – 29 Rives de Clausen, L-2165 Luxembourg, ngaphandle kokuba kuboniswe okuphambene ngezansi. Kumasevisi ane-Skype omthengi wamahhala nakhokhelwayo, uma uhlala ngaphandle kwe-Europe, i-Middle East nase-Africa, umthetho we-Luxembourg ubusa ukuchazwa kwale Migomo futhi iyamangalela ukwephulwa, ngaphandle kwengxabano yomthetho. Imithetho yesifundazwe noma izwe ohlala kulo ibusa zonke ezinye izimangalo (kuhlanganise ukuvikelwa kwamakhasimende, ukuncintisana okungafanele, kanye nezimangalo zokwephulwa komthetho). Uma uhlala ngaphandle kwe-Europe, i-Middle East nase-Africa, wena nathi sivumelana ngomthetho okhethekile nendawo yezinkantolo ze-Luxembourg kuzo zonke izimpikiswayo ezivela ngaphandle noma eziphathelene nesevisi ene-Skype yomthengi. Kwamanye amasevisi, ibhizinisi ovumelana nalo, umthetho obusayo, kanye nendawo yokuxazulula izimpikiswayo uvela ngezansi:
Imithetho yabathengi yezwe lakini ingase ifune ukuthi imithetho ethile yezwe iphathe noma ikunike ilungelo lokuxazulula izingxabano kwesinye isithangami naphezu kwale Migomo. Uma kunjalo, umthetho okhethwayo nesithangami esitholakalayo engxenyeni 10 sisebenza ngokwezinga elivunyelwe yimithetho yabathengi yezwe lakini.
11. Amawaranti.
Futhi ukhonjelwe ukukhetha ukubuyiselwa kwemali noma ukumiselela ngokwahluleka okukhulu ngempahla. Uma ukwahluleka ngezimpahla noma isevisi kungalingani nokwahluleka okukhulu, ukhonjelwe ukuthi ukwahluleka kulungiswe ngesikhathi esizwakalayo. Uma kungenziwa ukhonjelwe ukubuyiselwa imali ngempahla nokukhansela inkontileka ngesevisi futhi uthole ukubuyiselwa kwemali kwengxenye engasetshenzisiwe. Futhi ukhonjelwe ukunxephezeliswa kunoma yikuphi ukulahleka noma ukulimala okungalindelekile kusuka ekwahlulekeni kwempahla noma isevisi.
12. Umkhawulo Womthwalo Wecala.
13. Imigomo Eqondene Namasevisi. Imigomo engaphambi nangemva kwengxenye 13 isebenza kuwo wonke Amasevisi. Le ngxenye iqukethe imigomo eqondene namasevisi ethasisela emigomweni evamile. Le migomo eqondene namasevisi ibusa uma kukhona ukungqubuzana nemigomo evamile.
14. Okuhlukahlukene. Le ngxenye, kanye nezingxenye 1, 9 (yamanani atholwe ngaphambi kokuphela kwale Migomo), 10, 11, 12, 15, 17 kanye nalezo ezinemigomo esebenza ngemva kokuphela kwale Migomo zizoqhubeka zikhona ngisho noma kunqanyulwa noma kukhanselwa le Migomo. Ngokwezinga elivunyelwe umthetho osebenzayo, singaba le Migomo, sikhiphe izivumelwano ngaphansi kwezibopho zethu kule Migomo, noma sikhiphe ilayisensi yamalungelo ethu ngaphansi kwale Migomo, ephelele noma eyingxenye, nganoma yisiphi isikhathi ngaphandle kokukwazisa. Akufanele wabe le Migomo noma udlulisele noma yimaphi amalungelo okusebenzisa Amasevisi. Lesi yisivumelwano esiphelele phakathi kwakho ne-Microsoft sokusebenzisa Amasevisi. Sengamela noma yiziphi izivumelwano zangaphambili phakathi kwakho ne-Microsoft mayelana nokusebenzisa Amasevisi. Uma ungena kule Migomo, awuncikile kunoma yisiphi isitatimende, ubufakazi, isiqinisekiso, ukuqonda, umsebenzi, isithembiso noma isiqinisekiso ngaphandle kwalezo ezichazwe ngokucacile kule Migomo. Zonke izingxenye zale Migomo zisebenza ngezinga eliphelele elivunyelwa umthetho othintekayo. Uma inkantolo noma umlawuli ethi asikwazi ukusebenzisa ingxenye yale Migomo njengoba ibhaliwe, singakhetha ukushintsha leyo migomo sifake imigomo efanayo ngokwezinga elingagcizelelwa ngaphansi komthetho ofanele, kodwa ingxenye esele yale Migomo ngeke ishintshe. Le Migomo ihloselwe ukuzuzisa wena kanye nathi kuphela. Le Migomo ayihloselwe ukuzuzisa noma imuphi omunye umuntu, ngaphandle kwabalandela i-Microsoft ngesikhundla nababelwe. Izihlokwana zezingxenye ezezikhombo kuphela futhi azinawo umthelela wezomthetho.
15. Izimangalo Kufanele Zifayelwe Ungakapheli Unyaka Owodwa. Noma yisiphi isimangalo esihlobene nale Migomo noma Amasevisi kufanele sifayelwe enkantolo (noma kumlamuli uma kusebenza ingxenye 10.d) ungakapheli unyaka kusukela ngosuku ongasifaka ngalo isimangalo sokuqala, ngaphandle uma umthetho udinga isikhathi esithe xaxa ukuze kufayelwe izimangalo. Uma singafakwanga phakathi naleso sikhathi, khona-ke siyonqandwa unomphela.
16. Imithetho Yokuthumela Izinto Ngaphandle. Kufanele uhambisane nayo yonke imithetho yezwe neyangaphandle nezimiso zokuthunyelwa kwezimpahla ezithinta isofthiwe kanye/noma Amasevisi, ezihlanganisa imigoqo yezindawo okuthunyelwa kuzo, abasebenzisi, nendlela okuzosetshenziswa ngayo. ukuthola ukwaziswa okwengeziwe ngezindawo nemigoqo yokuthunyelwa kwezimpahla, vakashela ku-https://www.microsoft.com/exporting.
17. Ukugodlwa Kwamalungelo Nezimvo. Ngaphandle kwalapho kushiwo ngokuqondile kule Migomo, i-Microsoft ayikuniki ilayisensi nanoma imaphi amanye amalungelo anoma iluphi uhlobo ngaphansi kwezinto ezisunguliwe, ulwazi, amalungelo okukopisha, izimfihlo zohwebo, izimpawu zohwebo nanoma iyiphi enye impahla yobuchule engeye-Microsoft noma elawulwa yiyo noma elinye ibhizinisi elihlobene nayo, kubandakanye kodwa kungagcini nganoma iliphi igama, uhlu lwezohwebo, ilogo noma izinto ezifana nayo. Uma unika i-Microsoft umbono othile, isihlongozo, isiphakamiso noma uvo, kubandakanye kodwa kungagcini emiqondweni yemikhiqizo emisha, ubuchwepheshe, amaphromoshini, amagama emikhiqizo, izimvo ngemikhiqizo nokuthuthukiswa kwemikhiqizo ("Izimvo"), unikeza i-Microsoft, ngaphandle kwenhlawulo, izinzuzo noma ezinye izibopho kuwe, ilungelo lokwenza, lokuthi kwenziwe, lokwakha izinto ezisuselwa kule mikhiqizo, ukusebenzisa, ukwabelana nokudayisa Izimvo zakho nganoma iyiphi indlela noma injongo. Ngeke unikeze Izimvu ezingaphansi kwelayisensi ezidinga ukuthi i-Microsoft ikhiphe ilayisensi yesofthiwe, ubuchwepheshe noma izincwadi eziya enkampanini eseceleni ngoba i-Microsoft ifake Izimvo zakho kuzo.
Izaziso nenqubo yokwenza izimangalo zokwephulwa kwamalungelo empahla eqanjiwe. I-Microsoft iyawahlonipha amalungelo abantu abaseceleni ezimpahla eziqanjiwe. Uma ufisa ukuthumela isaziso sokwephulwa kwelungelo lempahla eqanjiwe, kubandakanye ukwephulwa kwelungelo lokukopisha, sicela usebenzise izinqubo zethu zokuthumela Izaziso Zokwephulwa Komthetho (https://www.microsoft.com/en-us/legal/intellectualproperty/infringement) lezo zinqubo ezakha ingxenye yale Migomo. YIMIBUZO EPHATHELENE NALE NQUBO KUPHELA EZOPHENDULWA.
I-Microsoft isebenzisa izinqubo ezichazwe eSiphakamisweni 17, se-United States Code, Isigaba 512, futhi, lapho kufanele, Isahluko III seSimiso (EU) 2022/2065, ukuphendula izaziso zokwephulwa kwamalungelo okukopisha. Ezimweni ezifanele, i-Microsoft ingavimba noma inqamule ama-akhawunti abasebenzisi bamasevisi e-Microsoft abaphula umthetho ngokuphindaphindiwe. Ngaphezu kwalokho, ezimweni ezifanele, I-Microsoft ingamisa ukuphrosesa izaziso zabantu ngabanye noma izinhlangano ezivame ukuthumela izaziso ezingenasisekelo. Incazelo eyengeziwe yezinqubo ezisebenzayo zeSevisi ethile, kuhlanganise nokulungiswa kwesinqumo esithathwe i-Microsoft njengengxenye yalezi zinqubo, kungatholakala kokuthi Izaziso Zokuphulwa Komthetho (https://www.microsoft.com/legal/intellectualproperty/infringement).
Izaziso nezinqubo eziphathelene nokukhathazeka kwamalungelo empahla eqanjiwe ezikhangisweni. Sicela ubuyekeze Iziqondiso Zempahla Eqanjiwe (https://go.microsoft.com/fwlink/?LinkId=243207) zethu mayelana nezinkinga zempahla eqanjiwe kunethiwekhi yethu yokukhangisa.
Izaziso zelungelo lokukopisha nezimpawu zohwebo. Amasevisi ayilungelo lokukopisha © Microsoft Corporation kanye/noma abaphakeli bayo, One Microsoft Way, Redmond, WA 98052, U.S.A. Wonke amalungelo agodliwe. Imigomo ibandakanya Uphawu Lohwebo Nemihlahlandlela ye-Microsoft (https://www.microsoft.com/en-us/legal/intellectualproperty/trademarks/usage/general.aspx) (njengoba kushintshwa njalo). I-Microsoft kanye namagama, amalogo, nezithonjana zayo yonke imikhiqizo ye-Microsoft, amasofthiwe, namasevisi kungenzeka kube uphawu lohwebo olungabhalisiwe noma olubhalisiwe lweqembu lezinkampani ze-Microsoft e-United States kanye/noma ezinye izifunda. Okulandelayo uhlu olungaphelele lwezimpawu zokuhweba ze-Microsoft kokuthi https://www.microsoft.com/en-us/legal/intellectualproperty/trademarks/EN-US.aspx. Amagama angempela ezinkampani nemikhiqizo kungenzeka iyizimpawu zohwebo zabanikazi bayo. Noma imaphi amalungelo anikezwa ngokuqondile kule Migomo agodliwe. Isofthiwe ethile esetshenziswa kumaseva athile amawebhusayithi e-Microsoft isekelwe ngokwengxenye emsebenzini we-Independent JPEG Group. Copyright © 1991-1996 Thomas G. Lane. Wonke amalungelo agodliwe. I-"gnuplot" isofthiwe esetshenziswa kwamanye amaseva ewebhusayithi ye-Microsoft iyi-copyright © 1986-1993 Thomas Williams, Colin Kelley. Wonke amalungelo agodliwe.
Isaziso sezokwelapha. I-Microsoft ayinikezi izeluleko zezokwelapha nanoma ikuphi okunye ukunakekelwa kwezempilo, ukuhlonzwa kwezifo noma ukwelashwa kwazo. Njalo cela izeluleko zikadokotela wakho noma omunye umhlinzeki wokunakekelwa kwezempilo oneziqu nganoma imiphi imibuzo onayo mayelana nesimo sezokwelapha, ukudla, ukuqina komzimba noma inhlalakahle. Ungalokothi uzibe iseluleko sezokwelapha sochwepheshe noma uzindele ekusifuneni ngenxa yolwazi oluthole ngamaSevisi.
Izingcaphuno zezitokwe nenkomba yedatha (kubandakanye nanamani ezinkomba). Ukwaziswa kwezezimali okunikezwe ngaMasevisi okokusetshenziswa nguwe kuphela, okungekhona okokusetshenziselwa ezentengiso. Awunakusebenzisa noma iyiphi idatha yezezimali noma izimpawu zanoma iliphi ilungu elinye elinikeza ilayisense ngokuphathelene nokukhipha, uxhaso, ukuhweba, ukukhangisa, noma ukuphromotha noma yimaphi amathuluzi ezimali noma imikhiqizo yokutshalwa kwezimali (ngokwesibonelo, izinkomba, okuphuma kokunye, imikhiqizo ehleliwe, izikhwama zotshalo-zimali, izimali zokuhwebelana, izimfanelo zotshalo-zimali, njll., uma inani, imbuyiselo kanye/noma ukusebenza kwethuluzi noma umkhiqizo wotshalo-zimali usekelwe, uhlobene, noma uhloselwe ukulandelela noma iyiphi idatha yezezimali) ngaphandle kwesivumelwano esibhaliwe esihlukile nelinye ilungu elinika ilayisense.
Isaziso zezimali. I-Microsoft ayiwona umshwalense/umhwebi noma umeluleki wotshalo-zimali obhalisiwe ngaphansi kwemithetho yezibambiso yase-United States noma imithetho yezibambiso yezinye izigungu zomthetho futhi ayibeluleki abantu ngotshalo-zimali, ukuthenga, noma ukuthengisa izibambiso noma eminye imikhiqizo noma amasevisi ezezimali. Akukho okuqukethwe kumaSevisi okuyisithembiso noma ukukhankasa ukuthenga noma ukuthengisa izibambiso ezithile. I-Microsoft noma abakhiphi bamalayisensi ayo bezingcaphuno zesitokwe noma idatha yezinkomba abaqinisekisi noma bancome imikhiqizo noma amasevisi athile ezezimali. Akukho okukula maSevisi okuhloselwe ukuba yizeluleko zobuchwepheshe, kubandakanye kodwa kungagcini nje, kutshalo-zimali noma izeluleko zezentela.
Isaziso mayelana ne-H.264/AVC ne-VC-1 Video Standards. I-software ingahlanganisa i-H.264/AVC kanye/noma ubuchwepheshe bekhodekhi VC-1 enelayisensi ye-MPEG LA, L.L.C. Lobu buchwepheshe buwuhlobo lwedatha efingqiwe yolwazi lwamavidiyo. I-MPEG LA, L.L.C. idinga lesi saziso:
LO MKHIQIZO UNELAYISENSI NGAPHANSI KWE-H.264/AVC KANYE NAMALAYISENSI EPHOTHIFOLIYO YOKUQAMBA YE-VC-1 UKUZE ISETSHENZISWE YIKHASIMENDE NJENGOMUNTU SIQU FUTHI HHAYI NGENJONGO YEZENTENGISO UKUZE (A) LIHLELE IVIDIYO NGOKUVUMELANA NEMITHETHO ("IMITHETHO YAMAVIDIYO") KANYE/NOMA (B) UKUCAZA I-H.264/AVC, MPEG-4 VISUAL, NEVIDIYO YE-VC-1 EHLANGANISWE YIKHASIMENDE ELENZA OKUTHILE KOMUNTU SIQU NOKUNGEKHONA OKWENTENGISO KANYE/NOMA OKUTHOLWE KUMHLINZEKI WAMAVIDIYO ONEMVUME YOKUNIKEZA IVIDIYO ENJALO. AYIKHO ILAYISENSI ENIKEZWA NOMA EHLOSELWE NOMA IKUPHI OKUNYE UKUSETSHENZISWA. ULWAZI OLUTHE XAXA LUNGATHOLAKALA KU-MPEG LA, L.L.C. BHEKA IWEBHUSAYITHI YE-MPEG (https://www.mpegla.com).
Ukuze sicacise, lesi saziso asilinganiseli noma sivimbe ukusetshenziswa kwesofthiwe ehlinzekwa ngaphansi kwale Migomo eqondene ngqo nalelo bhizinisi engahlanganisi (i) ukusakazwa kabusha kwesofthiwe kumabhizinisi aseceleni, noma (ii) ukwenziwa kwezinto ngobuchwepheshe be-VIDEO STANDARDS ehambisana nokusakazwa kumabhizinisi aseceleni.
Isaziso mayelana ne-H.265/HEVC Video Standard. I-software ingahlanganisa ubuchwepheshe bokufaka ikhodi be-H.265/HEVC. Ukufinyelela i-LLC ethuthukile kudinga lesi saziso:
UMA BUHLANGANISIWE, UBUCHWEPHESHE BE-H.265/HEVC KULE SOFTWARE BUHLANGANISWE OKUSHIWO IZINCWADI ZEMVUME ZE-HEVC OKUKODWA NOMA OKUNINGI OKUBHALWE KOKUTHI: PATENTLIST.ACCESSADVANCE.COM. KUYE NGOKUTHI UYITHOLE KANJANI I-SOFTWARE, LO MKHIQIZO KUNGENZEKA UTHOLE ILAYISENSI NGAPHANSI KWEPHOTHIFOLIYO YENCWADI YEMVUME ETHUTHUKILE YE-HEVC.
Uma le software ifakwe edivayisini ye-Microsoft, ukwaziswa okwengeziwe kwelayisensi kungatholakala kokuthi: aka.ms/HEVCVirtualPatentMarking.
IMIGOMO YOKUSEBENZA KWELAYISENSI OKUVAMILE
ISITOLO SE-MICROSOFT ISITOLO, ISITOLO SE-MICROSOFT KU-WINDOWS, KANYE NESITOLO SE-MICROSOFT KU-XBOX
Le migomo yelayisensi iyisivumelwano phakathi kwakho nomshicileli wohlelo. Sicela uyifunde. Asebenza ezinhlelweni zesofthiwe oyilanda kusuka eSitolo se-Microsoft, Isitolo seMicrosoft ku-Windows noma Isitolo se-Microsoft ku-Xbox (ngakunye okubhekiselwe kukho kulemigomo yelayisense ngokuthi "Isitolo"), kuhlanganise nanoma iziphi izibuyekezo noma okusekelayo kohlelo, ngaphandle kokuba uhlelo luza nemigomo ehlukile, lapho leyo migomo izosebenza.
NGOKULANA NOMA UKUSEBENZISA UHLELO, NOMA UKUZAMA UKWENZA NOMA YINI KWALOKHU, WAMUKELA LE MIGOMO. UMA UNGAYAMUKELI, AWUNALO ILUNGELO LOKULANDA FUTHI AKUFANELE ULANDE NOMA USEBENZISE UHLELO.
Umshicileli walolu hlelo usho ilayisensi lebhizinisi uhlelo kuwe, njengoba kukhonjwe kokuthi Isitolo.
Uma uhambisana nale migomo yelayisensi, unamalungelo angezansi.
Lo mkhawulo usebenza:
Lokhu kuyasebenza ngisho noma:
Imikhiqizo elandelayo, izinhlelo namasevisi zihlanganiswa ngaphansi kweSivumelwano Samasevisi Se-Microsoft, kodwa zingase zingatholakali ukuthi uzithenge.